Back

ⓘ Nompumelelo Mqwebu. UNompumelelo Mqwebu ungumpheki nombhali waseNingizimu Afrika. Ubhala ngokudla kwi Mail & Guardian, nakwi Sunday Times nakwamanye amaphephand ..




                                     

ⓘ Nompumelelo Mqwebu

UNompumelelo Mqwebu ungumpheki nombhali waseNingizimu Afrika. Ubhala ngokudla kwi Mail & Guardian, nakwi Sunday Times nakwamanye amaphephandaba. Ngo2018 ushicilele ibhuku Through the Eyes of an African Chef. Leli bhuku liwine umklomelo omuhle emhlabeni wonke, i-2018 Gourmand Cookbook Awards.

UNompumelelo Mqhweba uvela eMllazi, eThekwini. Ufuna ukufundisa ngokudla kwendabuko kwaseNingizimu Afrika. Isidlo sakhe esidumile yi-gnocchi amadumbe. Upheka amadumbe namanye amaveji aseNingizimu Afrika. Uthe amasiko okudla abantu abaningi ahlukaniswe ngenxa yokuphoqwa ukuba bahlale ezindaweni ezohlukene nguhulumeni wobandlululo.